Inkakha yaseFrance u-Emmanuel Petit isigxeke uKylian Mbappe ngokubanga isicefe kuleli iqembu ngokuthanda ukususa ukukhuluma.
UMbappe ngempelasonto ugxeke umqeqeshi aziqokela yena, uChristopher Galtier, ngamaqhinga akhe ngemuva komdlalo owaphela ngo 0-0 bebhekene neReims. Lo mdlali oneminyaka ewu-23 ugxeke ukudlaliswa kwakhe phakathi nendawo kulayini wabahlaselayo phambili, okuyindawo angayithandisisi njengoba ethanda ukuqhamuka ngasophondweni.
Kuyo le sizini uMbappe useke waxabana noNeymar bebanga iphenathi, kanti uke wabonakala eduba ukugijima enkundleni omunye umdlali wePSG engamphaseli ibhola.
Ekhuluma neRMC Sport, uPetit uthe: “Ucike wonke umuntu namhlanje. Njalo ufuna izinto zibe ngaye. Usezibeke ngaphezulu kweqembu. Mhlawumbe sekumngeni ekhanda okwenzeke ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
“Ubedlala kwesokudla efika kwiPSH, wabekwa kwesokunxele. Manje usebekwe phakathi nendawo kodwa enkundleni awudlali endaweni eyodwa, abadlali abaphambili bayashintshana ngezindawo abahlasela kuzo.
“Izitatimende zakhe zikhombisa ukuthi akasilihloniphi iqembu. Akekho umdlali ongaphezulu kweqembu. Inkulumo yakhe ikhombisa ukuthi akasabahloniphi ozakwabo kanye nomqeqeshi weqembu.”