Abashushisi baseSpain sebeveze ukuthi baphenya iqembu eligijima kwiLaLiga, iBarcelona, ngezinsolo zokukhokhela inkampani ephethwe ngowayeyiphini likamengameli wonompempe, u-Enriquez Negreira, u$1.50 million kusukela ngo-2016 kuya ku-2018.

Ngokwemibiko yamaziko ezindaba e-Europe, iBarcelona ingase igawulelwe esigabeni esingaphansi kweLaLiga noma iphucwe amaphuzu uma itholwa inecala.

IBarcelona ishicilele isitatimende iqinisekisa ukuthi iyazi ngalolu phenyo. Ithe yaqasha inkampani ezimele ezobaluleka ngezinqumo zonompempe, ‘okuyinto ejwayelekile emaqenjini ebhola’.

Iphinde yaveza nokuthi le nkampani ibibuye ibethulele imibiko ngabadlali abasakhula eSpain engabaqapha.

Owayengumengameli weBarcelona Josep Bartomeu izolo utshele iphephandaba iMundo Deportivo ukuthi empeleni le mali baqala ukuyikhokha ngo-2003, baze bayeka ngo-2018 ngesikhathi bethula izinhlelo zokonga imali.

Ikomiti elilawula ukusebenza konompempe eSpain, iTechincal Committe of Referees iveze ukuthi uNegreira akanasikhundla kusukela ngo-2018. Ithe akekho unompempe noma ilungu lekomiti elivumeleke ukwenza umsebenzi ongaphazamiza umsebenzi wabo ebholeni.

Uphenyo ngeBarcelona luqalwe ngonyaka odlule kulandela ukuphenywa kwenkampani kaNegreira oluveze ukuthi awekho amarekhodi omsebenzi awenzele iBarcelona ongabiza u$1.50 million.

UNergreira uyakuphika asolwa ngakho, uthi wayekhuluma neBarcelona ngomlomo engayibhaleli lutho futhi uthi akaze athathe izinqumo ezicheme neBarca uma kunodaba obelufika kwikomiti, nangesikhathi esawunompempe.