Umqeqeshi weManchester United, u-Erik ten Hag, usezinhlelweni zokusayinisa umdlali weTottenham Hotspur otshelwe emehlweni ukuthi uzolizwa ngendaba ijezi kule sizini.
Ngokwemibiko evela e-UK, iSpurs sesivumile ukuthi iMan United iqale izingxoxo nomdlali Pierre-Emile Højbjerg, ozokhuhla ibhentshi kule sizini njengoba umqeqeshi omusha weSpurs encamela ukusebenzisa abanye abadlali.
I-United ibhekene nenkinga yokuvuza esiswini, idinga umdlali ozobambisana noCasemiro othwala kanzima uma bedlala neqembu eliqinile esiswini.
Ngaphambi kokuzama ukusayinisa uHøjbjerg, bekubikwa ukuthi i-United yeshela uSofyan Amrabat, kodwa kusangenzeka ibasayinise bobabili ngoba iminyaka isihambile kuCasemiro futhi kusangenzeka kudayiswe noScot McTominay.
Ngaphandle komdlali wasesiswini i-United izama nokusayinisa ileft back ngenxa yokulimala kukaLuke Shaw noMalacia.