Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, uthi ibingabafanele induku ka 3-0 emdlalweni wabo neGolden Arrows izolo.

I-Arrows ikhuphukele kunombolo 2 kwi-log yeDStv Premiership ivithiza iSuperSport eNew Peter Mokaba Stadium ebinibalandeli abambalwa njengenjwayelo.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uHuntu unqabile ukuvuma induku ye-Arrows wathi bekungafanele badliwe.

“Besingawunqoba lo mdlalo, bathole amathuba amathathu kuphela, bakora…akukho ebesingakwenza kodwa sizoqhubekela phambili. Bekungasifanele ukudliwa ngo 3-0, angikungabazi lokho,” kusho uHunt ngemuva komdlalo.

UHuntu uncome abadlali bakhe ngokuzama kulo mdlalo, wathi badlale kangcono futhi bakhe amathuba amaningi kune-Arrows.

Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi we-Arrows, uVusumuzi Vilakazi uncome ezakhe ngokubuya namaphuzu aphelele emidlalweni emibili ilandelana. Uthe amagoli abawashayile kule midlalo akhomba ukuthi abadlali sebeqala ukuhlangana phambili.

________________________________________________________________________________________________________________

PROMOTION

Bhalisa i-account ePlaya Bets utholoe ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala!

Nakhu okunye ongakuthola:

R50 Free Sports Bet 😉

+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️

Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa

Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar