ICape Town Spurs ishicilele istatimende izwakalisa ukweseka uShaun Bartlett okungamhambeli kahle kule sizini njengoba ebhaxabulwa ngapha nangapha kwiDStv Premiership.
ISpurs ayinaphuzu kule sizini emdlalweni emine, osekudale abaningi bakholwe wukuthi uBartlett uzoba wumqeqeshi wokuqala ukuxoshwa kule sizini.
Okumsindisayo okwamanje wukuthi isizini isanda kuqala, futhi ayikho kude kakhulu kumaqembu angakaqondi kule sizini; iRichards Bay FC namaZulu FC, nabo abaqale isizini ngebatha.
“Noma imphumela isiphoxa, simeseka ngokugcwele umqeqeshi uShaun Bartlett njenge-board yeCape Town Spurs.
“Sicela abantu bakuhloniphe ukuthi uBartlett unenkontileka neSpurs, bayeke ukusho izinto ezingekho kubantu bezindaba ukuze bazicoshele amaphuzu.”
I-Urban Warriors izobhekana neSwallows kusasa eDobsonville Stadium.