Umqeqeshi weRichards Bay FC uKaitano Tembo uthi ukushaya into ecokeme ezintini kukaPhilasande Manqele kumnikeza ithuba lokubanga ijezi nabanye onozinti beqembu. 

UManqele odlala kwiDiski Challenge, uthole ingqayizivele yethuba emdlalweni weCarling Knockout bebhekene neMoroka Swallows ngeSonto. 

IRich Boys iwunqobe ngo 2-1 lomdlalo obubanjelwe eKing Zwelithini Stadium. 

UManqele uqokwe ngemuva kokuba isethenjwa sikanozinti uSalim Magoola enqabile ukudlala kwiCarling Knockout ngoba inkolo yakhe yobusulumane ingahambisani nokugqanyiswa kukatshwala. 

“Ngiyambona ejimini uManqele, ngiyayibona indlela azikhandla ngayo. Ungumfana osemncane onentshisekelo yokudlala. 

Bengingeke ngimphose enkundleni uma ngingamthembi. Bengibona efanelwe yithuba lokudlala. Uzofinyelela ezingeni lonozinti abahamba phambili kuleli uma ezosebenza ngokuzikhandla. 

Uyakwazi ukwehlisa umoya, athathe izinqumo ezihlakaniphile. Ibhola ulibamba lithule esandleni. Indlela aligada ngayo ipali iyagculisa futhi unesiphiwo sokuphasa ibhola. 

Kufanele sibashayele ihlombe onozinti abasebenze naye, kanye nalabo abamsondeze eqenjini. Uzofika ezingeni eliphezulu uma ezoziphatha kahle,” kusho uTembo ekhuluma NabeSuperSport TV.