Umqeqeshi wePolokwane City uLehlogonolo Seema uthi ukuphuma kwamaqembu amakhulu kwi-last 16 yeCarling Knockout kuzokwenza lo mqhudelwano ushube kakhulu. 

IRise and Shine iwashise iSuperSport United ijezi iyibhaxabula ngo 4-1 eTUT Stadium ngeSonto. 

IMamelodi Sundowns kanye neKaizer Chiefs sebekhishiwe kulomqhudelwano ozohlomulisa oshampeni ngo-R4,25 million. 

IPolokwane iqhathwe neStellenbosch FC kwi-quarter-final ezobanjelwa ePeter Mokaba Stadium. 

“Kuyajabulisa uma amaqembu abukeka emancane eqhubeka nokudlala kulomqhudelwano. Kujwayelekile ukuthi kusale amaqembu amakhulu, umqhudelwano ugcine usungabukeki. 

Lemidlalo (quarterfinals) izoshuba, alikho iqembu esilibukela phansi. Ashaya into ecokeme wonke amaqembu asele. 

Okuhle ukuthi sizodlalela ekhaya kodwa iStellenbosch iyiqembu elinzima. Ngilindele umdlalo onzima,” kuchaza uSeema ekhuluma nabeSuperSport TV. 

UHlayisi Chauke ushaye amagoli amabili esiwombeni sesibili, amanye ashaywa u-Oswin Appolis noNdamulelo Maphangule. 

UTerrence Dzvukamanja ushayele iSuperSport elokubika. 

“Siqhubeke neqhinga ebesilihlelile. Siyazi ukuthi iSuperSport inabagadli abangayibheki inethi futhi ibadlalise bonke. Sikwazile ukuyibamba yize oyedwa umgadli elitholile igoli,” kusho uSeema. 

Lomqeqeshi ubongele u-Appolis (22) oseke wadlala kwinkulisa yeSuperSport. 

“U-Appolis ungumfana ozithobile, udlala ibhola elisheshayo futhi ugijima ezikhaleni ezincane. Unobuhlakani, akasabi lutho. Kuningi akwenzayo okuhlanganisa iqembu,” kuchaza uSeema.