Owayengymdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana, uTeko Modise, uthi kuwehlise izinga amaqembu aseKZN ukugijimela abadlali abahlulekile kumaqembu amakhulu.

Amaqembu aseKZN adonsa ngodizili kwiDStv Premiership kule sizini, nakuba esekwazi ukubangisana namaqembu aseGoli uma esayinisa abadlali.

IRichards Bay, ekwisizini yesibili kwiDStv Premiership, ikunombolo 15, iRoyal AM ikunombolo 13, AmaZulu aku-12. IGolden Arrows kuphela ecishe ibe nesizini ebukekayo njengoba ikunombolo 9. Ngabe isendaweni engcono ukube ayishaywanga imidlalo ewu-11 kulandelana kwiligi.

Ekhuluma ngesimo samaqembu akulesi sifundazwe uModise umunwe uwukhombe kubanikazi bawo, ebasola ngokusayinisa abadlali abahlulekile emaqenjini amakhulu.

“Amaqembu aseThekwini avame ukusayinisa abadlali abangadlali kwamanye amaqembu. Lokhu kusho ukuthi awanayo insika yabadlali abavame ukudlala. Bathatha abadlali abahlulekile ukuthi bezodlala ngapha,” usho kanje.

UTeko uthi akuwasebenzeli amaqembu akulesi sifundazwe ukwenza ibhizinisi ngale ndlela.

“Angiboni ukuthi iyabasebenzela lento. Ngesikhathi iGolden Arrows isayiGolden Arrows, Abafana Bes’thende, kwakugcwele abadlali baseKZN.

“Liningi ikhono kubadlali baseThekwini nasezindaweni zasemakhaya. Labo badlali bayaziqhenya ngokudlalela amaqembu aseKZN. Udinga abadlali abanjalo.

“Angisho ukuthi akumele basayinise abadlali bamanye amaqembu, kodwa kumele kube ne-balance. Abadlali abavela kwamanye amaqembu akumele babe baningi ukudlula abaseThekwini.”