Umqondisi wezemidlalo kwiKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jnr, uthi benza konke okusemandleni ukuzama ukubuyisa injabulo kubalandeli baMakhosi.
Engxoxweni neGoal.com uJnr uveze ukuthi akekho oneme njengoba iqembu lingenzi kahle, kodwa isimo abazama ukusiguqula.
“Umsebenzi wethu ukuwina imidlalo sijabulise abantu, nokutgi sibe yiqembu elinempumelelo. Akekho ojabule [ngesimo esikuso]. Sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi izinga leqembu linyuke,” kuchaza yena.
“Siyazi ngakho konke okwenzekayo nesidinga ukukwenza. Sidinga ukubuyisela iqembu endaweni eliyifanele.”
Emasontweni edlule iChiefs ibisikuvezile ukuthi izolanda umqeqeshi omusha ozosizwa yithimba lakhe.
IChiefs izobhekana neRichards Bay koweligi ngeSonto ngo-3 ntambama.