Umqeqeshi weChelsea, uMauricio Pochettino uthi umdlali olandelayo ozobangisa uCole Palmer ipenalty uzomkhipha emdlalweni ngoba akasithandanga isigameko sayizolo emdlalweni wabo ne-Everton.
IChelsea izolo iqumbe phansi i-Everton ngo 6-0 kowePremier League. Ibe nomdlalo omuhle kodwa kucishe kwambozwa ukubangwa kwepenalty esiwombeni sesibili. Ngaleso sikhathi uPalmer ubesevalele amagoli amathathu, uNicolas Jackoson enelilodwa. Kuthe uPalmer esezoshaya ipenalty, uJackson noMadueke bafuna ukumphuca ibhola, okuyinto angayithandanga uPoch.
“Abadlali nabaqeqeshi bayazi ukuthi uCole Palmer osishayela ama-penalty. Ingiphathe kabi kakhulu lento Ukuziphatha ngendlela iyonanto ebalulekile eqenjini lethu. Sonke sivumelene ngokuthi uJackson noMadueke basephutheni,” kusho uPoch.
“Ngokuzayo ngizobakhipha. Angidlali.
Uthe okumphathe kabi kakhulu wukuthi abadlali benze lento iqembu lidlala kahle.
NgoMgqibelo iChelsea izobhekana neManchester City kwi-semifinal yeFA Cup bese ibhekana ne-Arsenal ngesonto elizayo ngoLwesibili.