Ummeli omele omunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kuka nozinti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa, uvezele inkantolo ngoLwesithathu ukuthi kwabakhona ubudedengu ngenkathi kuqoqwa ubufakazi ekhaya lomculi uKelly Khumalo lapho kwadutshulelwa khona uMeyiwa.
U-advocate Zandile Mshololo umpintshele uSergeant Thabo Mosia ekhoneni wambuza ngokuthi yini afike ayenza endaweni yesigameko emva kokuba kumthathe amahora amane ukuthi afike khona. UMosia uthe wafika wakhipha abantu abayisikhombisa ababesendlini ukuze ezoqala enze uphenyo, wabe esethatha izithombe eziyisishiyagalombili.
“Ngaphandle kwezithombe eziyisishiyagalombili engazithatha, ngahlanganisa ubufakazi
obacoshwa ekhishini,” kuchaza uMosia.
UMshololo ube esemtshela ukuthi kukhona ufakazi othi wabona umuntu obizwa ngoMaggie Phiri, owabonakala esula utshwala phansi. Ubuze uMosia ukuthi wambona yini wathi cha.
Uqhubekile wampheka ngelincane wabuza ukuthi akawabonanga yini amakani otshwala ayephansi ngenkathi eqoqa ubufakazi, nokuthi kungani engawashuthanga.
UMosia uphendule ngelokuthi ucabanga ukuthi amakani otshwala ayesetafuleni, ube esechaza ukuthi akakwazanga ukuthi athathe amasampula asemlonyeni kulamakani, kodwa wathatha ama finger prints. Ube esechazela inkantolo ukuthi akakwazanga ukuthatha obunye ubufakazi ngelanga lesigameko, ngenxa yokuthi wayelinde ukuthola usizo kozakwabo athi banolwazi olunzulu kunolwakhe.
Kuphinde kwavela futhi ukuthi uMosia wabuya ngosuku olulandelayo ezoqhubeka nokuqoqa ubufakazi endaweni yesehlakalo. UMshololo uphinde wavezela inkantolo ukuthi umndeni waboka Kelly Khumalo walala kwelinye lamagumbi kulendlu okwadutshulelwa kuyo uMeyiwa. Ube esethi loku kungenzeka ukuthi baphazamisa ubufakazi.
“Ngenkathi ngenza uphenyo kwakuphakathi nobusuku, kubantu ababesendlini kwakukhona nezingane ezimbili. Ngavuma ukuthi bangalala kweinye lamagumbi kodwa bangasondeli kule ndawo ekwenzeke kuyo isigameko,” kuchaza uMosia.
“Unabo ubufakazi bokuthi labantu abalala endlini abazange baye endaweni yesigameko, othe bangayi kuyo?” kubuza uMshololo kuMosia.
UMosia uphendule ngokuthi akanabo ubufakazi. Kuphinde kwavela ukuthi uBrigadier Ndlovu oshone esewu Major general wabambezela ukufika kwama forensic endaweni yesigameko ngenkathi efonela uMosia engamniki ikheli lendawo yesigameko eVosloorus boka Kelly Khumalo oyintombi kaMeyiwa.