UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zomdabu KwaZulu Natal uMnuz Sipho Hlomuka, usexwayise abakulesi sifundazwe ngezimvula ezinamandla ezingase zihlasele ngempelasonto. 

UHlomuka uthe abantu abaqaphele ikakhulukazi abahlala ezindaweni ezehlelayo ngoba kungenzeka kube nezikhukhula. 

“Kule mpelasonto kulindeleke ukuthi kubande, kube nemvula enamandla nezikhukhula. Siyacela ukuthi abantu bazigade futhi bafudumale. Abasebenzisa ama-generator, ama heater nabasebenzisa izimbawula ukuba baqikelele. Labo abahlala ezindaweni ezehlelayo nabo bayanxuswa ukuba baqikelele njengoba nomhlabathi usamanzi emva kwezikhukhula zangenyanga edlule,” kusho uHlomuka. 

Uthe abezimo eziphuthumayo bazoqhubeka nokusebenza neSouth African Weather service ukuxwayisa umphakathi uma isimo sezulu sizoba sibi. 

UNgqongqoshe wezaMahlathi ezokuDoba nezeMvelo uNkk Barbara Creecy umemezele ukuthi iSouth African Weather Service izonikwa isabelo mali sika R100 million kuleminyaka ezayo emithathu, ukuze bezothuthukisa ezobuchwepheshe nengqalasizinda yabo. 

I-South African Weather Service yathola ukugxekwa ngenyanga edlule abantu beyisola ngokuthi ayizange ikhiphe isexwayiso ngezikhukhula ezashiya kukhalwa KwaZulu Natal ngo Ephreli emuva kokuthi zihambe bemiphefumulo engaphezulu kuka 400.