Sphamandla Gumede
Umgadli weBafana Bafana uPercy Tau uthi akusekho ukucasha, kumele nakanjani babuye namaphuzu agcwele uma sebebhekene neSudan eKhartoum ngeSonto.
UTau uqokwe njengomdlali ovelele iBafana ibambana ngo 1-1 neGhana emdlalweni wokuhlungela i-AFCON ka-2022 izolo eFNB Stadium.
UTau, oshaye igoli lokulinganisa, uthi amaphuzu amathathu kuphela angababeka eCameroon ngo-2022.
“Sizamile, bayiqembu elihle kodwa sibagijimisile. Basiqandile kodwa siqhubekile nokuzama. Sekumele siqinise emdlalweni olandelayo. Sinamaphuzu alishumi, nayo iGhana inamaphuzu alingana nawethu, kushoda umdlalo owodwa. Besifuna ukunqoba umdlalo kodwa sekumele siwine kwiSudan. Siya emdlalweni olandelayo siqinise ukhakhayi, sifuna ukunqoba,” kuchaza uTau ecashunwa yiSABC TV.
Ebuzwa ngesimo sokweqiwa yijezi kwiBrighton & Hove Albion, uTau uthe akatatazeliswa yibhentshi, usalinde ithuba.
“Kuyajabulisa ukuba kwiBrighton. Ngizama ukuzinikela, abadlali benza kahle futhi nemidlalo siyayinqoba. Kunzima ukungena eqenjini. Kumele ngizame kakhulu, ngiyathemba isikimu ngizosithola,” kuchaza uTau.