Umqeqeshi weWydad Athletic Club, uRhulani Mokwena, usephumele obala ngesifiso sokusayinisa uPercy Tau okuthiwa uyashiya kwi-Al Ahly.
UTau namhlanje ususe igama le-Al Ahly kuma-profile akhe ezinkundleni zokuxhumana, okuqinise izinsolo zokuthi lo mdlali usebheka elinye iqembu azolibiza ngekhaya.
Ngokombiko wentatheli elandela izindaba zamaligi ase-Afrika, uMicky Jnr, uTau ne-Al Ahly sebevumelene ngokuhlukana.
Uthi ngesikhathi ethinta uRhulani ngalolu daba, uthe engathanda ukumsayinisa uma ithuba livela.
“UPercy Tau wumdlali okhethekile kimina. Ngivumelana nawe…likhona ithuba lokuthi adlale kwiWydad ngesizini ezayo. Uyazi ngimthanda kangakanani futhi ngisafuna ukusebenza naye.”
Ngaphandle kweWydad kunamanye amaqembu aseMiddle East abezimisele ngoTau kanti neKaizer Chiefs ike yabalwa eqenjini amfunayo ezinyangeni ezimbili ezedlule.
UTau ushaye amagoli awu-9 emdlalweni ewu-33 ngesizini edlule.
Uxoshwa yini kwi-Al Ahly uTau?
Ngokomthombo weKingfut osondelene ne-Al Ahly, Medhat Shalaby, sebeyinkukhu nempaka uTau nomqeqeshi we-Al Ahly uMarcel Kohler.
UShalaby uthi inkinga phakathi kwabo idalwe wukuthi uKohler wazise abaphathi bakhe ukuthi uTau usecabanga ukujoyina elinye iqembu.
Kuthiwa akwehlanga kahle kuTau lokhu noma isizathu zingakaveli. Ngemuva kwalokhu kuthiwa uTau ubesengaziqeqeshi ngendlela efanayo kwi-Al Ahly, ebuye akhale ngokulima, okuthiwa bese kucasula uKohler.
Kuphethe ngokuthi agcine esebekwa ebhentshini noma esebuyile ekulimaleni uTau emdlalweni yokugcina ye-Al Ahly.
Ungene imizuzu ewu-18 emdlalweni wokugcina we-Al Ahly ekhaya ngesizini edlule, okuqinise izinsolo zokuthi ubefakelwe ukuvalelisa kubalandeli.