Kubikwa ukuthi uhlanyiswe yinanazi yaseGoli yagcina isimdalela izinkinga emsebenzini obengumqeqeshi weSekhukhune United, uPeter Hyballa.
Ngokombiko weSunday World, lo mqeqeshi ubesejwayelekile kwenye yezindawo ethokozisa abantu besilisa ngokocansi eGoli.
Kuthiwa ubudlelwane bakhe nabanye abathengisi ababili kule ndawo kugcine kuholela ekutheni kuqoshwe ivideo uHyballa esamatasa ezithokozisa, yathunyelwa abaphathi beSekhukhune njengendlela yokuzama ukuthola imali kubona.
Kuthe uma iqembu selimbuza ngalokho, uHyballa waqoka ukusula esikhundleni sakhe.
Ukushiya kwalo mqeqeshi sekuvulele isikhala uLehlohonolo Seema ukuthi abuye aqhubeke nomsebenzi abewenza kuleli nqembu alishiye likunombolo 4 ngesizini edlule.
UHyballa bese kumele kunemibiko yokuthi angase abone afike ngayo njengoba kuthiwa ubenokukhuluma amazwi alumelayo kubadlali futhi kumele nokuthi uke wasolwa ngokucwasa ngokwebala kwamanye amaqembu aseke asebenza kuwo.