Umdlalo weCommunity Shield ophakathi kweManchester United neManchester City eWembley Stadium namhlanje ntambama uzocacisa ukuthi yiliphi iqembu elilungiselele isizini entsha kangcono.

ICommunity Shield wumdlalo oba phakathi kweqembu elinqobe iPremier League, nelinqobe iFA Cup. Ukube ngeyaseNingizimu Afrika ngabe kuzobhekana iMamelodi Sundonws ne-Orlando Pirates.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-United yagcina ifake iyifake induku iCityzens kowamanqamu weFA Cup, kungalindele muntu.

Namhlanje kulindeleke ukuthi ezikaPep Guardiola zibuyise izinduku noma bengakabuyi abanye abadlali ekhefini njengoba abanye bebedlala kwi-EURO 24.

Kubadlali abasha abalandeli beMan United bazobe belindele ukubona umgadli omusha uJoshua Zirkzee nokubuya kukaJadon Sancho okungenzeka awuqale umdlalo.

UZirkzee ujoyine i-United esuka kwiBologna lapho adle khona ngenqwaba yama-assist. Kuleli sonto lo mdlali uthe uwumgadli othanda ukudlala esikhaleni esiphakathi kukanombolo 9 no-10.

Okunye okuzobe kubhekiwe kulo mdlalo ukubona ukuthi u-Erik ten Hag umisa kanjani emuva njengoba kulimale umdlali wakhe omusha uLeny Yoro obekulindeleke ukuthi abambisane noLisandro Martinez.

ICity ngakolunye uhlangothi kulindelwe ukuthi yethule uSavinho ojoyine iqembu kuleli sonto ngoMsombuluko. USavinho uzovala isikhala isikhala esikhulu esashiywa wuRiyad Mahrez ngo-2023.

Omunye umdlali weCity okulindeleke ukuthi angene ezinhlelweni ze-first team yeCity u-Oscar Bobb. UBobb ukhombise ukukhula emdlalweni yobungani yeCity futhi ubukeka ezoba wumdlali obalulekile kule sizini.