Sphamandla Gumede

Umgadli weBafana Bafana uPercy Tau ufuna bashayele iGhana ekhaya ukuze bezozinyusela amathuba okufinyelela kumqhudelwano we-AFCON 2022. IBafana izodlala neBlack Stars emdlalweni wokuhlungela i-AFCON ngoLwesine, okuwumdlalo olindelwe ngabomvu njengoba lamaqembu ebambene ngamaphuzu kuGroup C.

IBafana izobe ifuna ukuziphindisela njengoba yashaywa ngo 2-0 emdlalweni womzuliswano wokuqala ngoNovemba 2019. Ngemuva kwalowo mphumela, abafana bakaNtseki babhukulile, banqoba yomithathu imidlalo yamaqoqo elandelile.

“Siyazi ukuthi iqembu elizowina lizozibeka ethubeni elihle lokufinyelela kwi-AFCON. Kodwa ngiyathemba ukuthi sizosebenza kanzima, sibuye nomphumela ofunekayo. Sifuna ukusebenzisa inkundla yasekhaya ukuze sibashaye, basihlula ngesikhathi sibavakashele,” kubeka uTau obecashunwa iwebsite yeSAFA.

IBafana izobe isiphetha umzuliswano wokugcina ngokuvakashela iSudan eKhartoum ngeSonto. ISudan isethubeni lokufinyelela kwi-AFCON njengoba inamaphuzu ayisithupha futhi izodlala neqembu elibhaxabulwa nxazonke iSao Tome. “Siwabhekile ama-video omdlalo esahlulwa kuwo, siwabonile amaphutha ethu. Sithemba ukuthi abadlali basesimeni esihle somqondo, sifuna ukwenza kahle. Siyasazi isimo esifana nalesi, thina sibheke ukuzimisela, sifinyelele kwi-AFCON,” kuchaza lomdlali.

Umqeqeshi uMolefi Ntseki ubebambe umoya ngoTau kwazise iqembu lakhe iBrighton & Hove Albion belisikaza ukunqaba ukumdedela lisaba iCovid-19. UBongani Zungu uzojoyina iqembu uma seliya eSudan, kepha uThulani Serero, Dean Furman noKeagan Dolly angeke balubhade njengoba bevinjelwe amaqembu abo, nawo akhale ngokubhebhetheka kwe-Covid eNingizimu Afrika.