Intatheli Yezemidlalo
UKapteni weMamelodi Sundowns uHlompo Kekana uthi uyethemba ukuthi abamlayi abaqeqeshi baleli qembu ngokuphendulwa kwakhe ukudla kwebhentshi ngemuva kweminyaka ehola iDowns.
Ulizwa ngendaba ijezi uKekana (35) kwiSundowns kule sizini njengoba abaqeqeshi beqembu bencamela ukudlalisa o-Andile Jali, Rivaldo Coetzee noMothobi Mvala enkabeni yesisu. Lo mdlali ugcine ukubonakala enkundleni ngoJanuwari 27 ezakhe ziguqisa iBlack Leopards ngo 2 -1 emdlalweni weDSTV Premiership.
Ekhuluma newebsite yezindaba iTimes Live uKekana uthe uyasihlonipha isinqumo sokungadlaliswa kwakhe.
“Ngiyasihlonipha futhi ngiyasamukela isinqumo sabaqeqeshi ngoba iqembu liyawina, kodwa ngiyethemba ukuthi ukungadlaliswa kwami akuyona imizamo yokungilaya njengomdlali ngoba lokho kungakhombisa ubungane,” kusho uKekana.
“Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi ngicacise ukuthi akukho lutho olubi phakathi kwami nabaqeqeshi. Ngeke ngihlanganise okwangasese nengikwenza enkundleni. Ngiyethemba izinqumo abazithathayo azihlangene nokuzama ukugcwalisela abathile
“Angilimele njengamanje, ngilinde ukuthola ithuba lokudlala njengawo wonke umdlali ongasalitholi ijezi, ngiyethemba ithuba lami lizovela maduze.”
Ngempelasonto umqeqeshi uManqoba Mngqithi ukucacisile ukuthi uKekana nguye osawukapteni weqembu nakuba ibhande libonakala kuMosa Lebusa noRicardo Nascimento emasontweni edlule.
UKekana uthe usekukhumbule ukuba senkundleni futhi usafuna ukuziveza ukuthi kuningi asangakwenzela leli qembu alithandayo.