Umqondisi webhola kwiJuventus uFabio Paratici uthi akayindawo umqeqeshi waleli qembu oshaye udaka kwisizini yakhe yokuqala kwiSerie A u-Andre Pirlo nesibabuli somdlali uChristiano Ronaldo.

Azihambi kahle izinto kwiJuventus, ngokwezinga layo, njengoba ihleli endaweni yesithathu kwiSerie A, isele ngamaphuzu ayishumi kwi-Inter Milan esesicongweni. Kukhale abaningi leli qembu lishaywa yiF.C Porto kwi-EUFA Champions League (UCL) kwi-last 16 ebithathwa njengeqembu elincane elisele kulo mqhudelwano. Nakuba enamagoli awu-23 emidlalweni engu-24, abanye abalandeli baleli qembu abaneme ngoRonaldo abamsola ngokungenzi okwanele ukusiza iqembu linqobe indebe ye-UCL ngokunjalo nesinye isicoco seligi. Ephawula ngalaba uParatici uthe abayi ndawo.

UPirlo noRonaldo kugxekwe bona khakhulu ngemuva kokudliwa kweJuventus ibhekene neBenevento ngempelasonto.

“Kunohlelo esiphezu kwalo oluqale ngesizini edlule. Umdlalo owodwa ngeke uguqule uhlelo lwethu. Sizoqhubeka futhi sijabule ngezinto esesikwazile ukuzenza njengamanje, sizozama ukudlala kangcono,” usho kanje.

“YiJuventus le, siphethe uRonaldo owumdlali ophambili kunabo bonke emhlabeni futhi sizobambelela kuyena, akayi ndawo.”

Lo mdlali umataniswa namaqembu ayewadlalela iReal Madrid ngokunjalo neManchester United okuthiwa bazimisele ngaye ngenxa yokubiza kwabagadli abaseqopheleni eliphezulu e-Europe.

Ekhuluma ngoPirlo uthe basajabule ngaye ngakho abasiboni isidingo sokuguqula umqeqeshi okwamanje.