Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane ujabule ngamaphuzu amathathu okoqala abawaqoqe ekuhambeni kule sizini begqiba iChippa United ngo 3-0 izolo ebusuku eBaffalo City Stadium.
UPule Ekstein, obe yiman of the match, uvalele amagoli amabili kulo mdlalo, elinye lakorwa wu-Athini Maqokolo.
Ngomphumela wayizolo Usuthu lukhuphukele kunombolo 5 kwiBetway Premiership.
“Nginethemba ukuthi lo mdlalo uzoshintsha izinto emdlalweni yasekuhambeni. Besidinga ukuwina umdlalo owodwa ekuhambeni bese siyabona ke,” kusho uZwane.
“Okungichazile namhlanje wukuthi alikoranga iqembu ebesibhekene nalo, thina savalela amagoli amathathi. Besingawavalela amanye kodwa besibuye sibe buthuntu phambi kwamapali.
“Sinabadlali abancane ngokweminyaka futhi nangokomzimba uma uqhathanisa abadlali bethu nabeChippa uyawubona umehluko. Ngakho ke besidinga ukugcina ibhola phansi, sigweme ukubapha ama-set piece.”
Umqeqeshi weChippa uVusumuzi Vilakazi uthi bawuqale kahle umdlalo futhi ukube balisebenzisile ithuba lepenalty abalithole esiwombeni sokuqala bekungaba wumphumela ohlukile.
Bekungokwesithathu kulandelana iChilli Boys ishaywa. Ine-win eyodwa kule sizini.