Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs uKhalil Ben Youssef usencome ukapteni weqembu uBrandon Petersen ngendlela azimisela ngayo. Umbona engena esikwatini seBafana Bafana esizodlala kwi-Africa Cup of Nations (AFCON).

Lo mdlali oneminyaka ewu-31 usanda kumenyezelwa njengokapteni omusha weqembu usenama-clean sheet awu-9 kule sizini, okukhombisa ukuthi usefomini enhle.

Ekhuluma ngemuva kokushaya iDurban City ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu uBen Youssef uthe lo mdlali ubukeka ekulambele ukubuyela eqenjini lesizwe.

“Ngemuva kwemidlalo kule sizini sibonga uPetersen nomqeqeshi wonozinti ngomsebenzi omuhle abawenzayo,” kusho uBen Youssef ngemuva komdlalo.

“UPetersen uhlose ukuba yingxenye yeqembu lesizwe. Iyonanto ayibhekile kule sizini.

“Ngibona kufanele aqhubeke asebenze ngokuzikhandla, afake ingcindezi kumqeqeshi weqembu lesizwe ukuze angene esikwatini se-AFCO.”

Akulula ukungena esikwatini seBafana kubadlali beChiefs kulezi nsuku njengoba uHugo Broos engagculisekile ngendlela edlala ngayo. Njengamanje wuMduduzi Shabalala kuphela onokuthola ithuba, nakhona esikwatini esidlule wabizwa ngoba kulimele uRelebohile Mofokeng. Omunye umdlali osanda kubizwa wuThabiso Monyane, naye wabizwa sekulimele umdlali.

Njengamanje uPetersen ungemuva kukaRonwen Williams, Sipho Chaine,  Ricardo Goss, Darren Johnson, noRenaldo Leaner.