Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi akafuni ukugxeka uLebone Seema ngephutha alenze emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns ngoba usewumdlali osemncane osazokhula.
USeema wakhe ithuba elihle lokukora ebhokisini leMamelodi Sundowns, kukhona uTshepang Moremi eduze kwakhe kodwa waqoka ukukhahlela, uRonwen Williams walivimba ishodi lakhe.
Kucacele ngisho ingane ukuthi ukuba uSeema uphasile nakanjani uMoremi ubesethubeni elingcono lokuvalela igoli ebelizobeka iBucs phambili.
“Usewumdlali osemncane, ubuye ne-man of the match, ngakho ke ngiyambongela,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo.
☠️ FT || @Masandawana 1 – 1 @orlandopirates
— Orlando Pirates (@orlandopirates) November 1, 2025
🎤 Lebone Seema
⚫⚪🔴⭐#MatchDay#OrlandoPirates#OnceAlways pic.twitter.com/gGTAdsTyHh
“Ngeke simsole ngokuzama ukukora, kodwa besingathola ithuba elingcono lokukora ukuba uphasele uzakwabo.
“Sihlale sibatshela abadlali ukuthi kufanele babe nomuzwa owodwa uma bekorile noma beshaye i-assist.
“Kodwa siwamukela umphumela, sibuye nephuzu. Sisanemidlalo esandleni, kufanele siyinqobe.”
Khonamanjalo, uSeema ubonge abalandeli ngendlela ababaseke ngayo kulo mdlalo wathi babafakele umfutho. Uthe uyabonga ukuthi bayabeseka bewina, bedliwa noma bedlala ngokulingana.