Uhulumeni wakuleli usuveze ukuthi unethemba lokuthi kungafinyelelwa esivumelwaneni phakathi kweSouth African Broadcasting Corporation (SABC) neSuperSport, ukusakaza imidlalo yamaBhokobhoko yeNdebe yoMhlaba yeRugby emphakathini.

Isiteshi seMultichoice, iSuperSport, njengamanje sinamalungelo okusakaza iRWC bukhoma, kanti ngokwemibiko evelayo iSABC kuzomele ihlukane noR38 million ukuze ikwazi ukuveza imidlalo yamaBhokobhoko.

Uma iSABC ingawathengi amalungelo okuveza imidlalo yamaSpringboks, imidlalo yompetha bomhlaba izobukwa amaPremium subscribers kuDStv, abalelwa ku-1 million kuphela eNingizimu Africa.

Ungqongqoshe wezemidlalo kuleli uZizi Kodwa uthe ube nomhlangano nezikhulu zeSABC namhlanje ukuze kudingidwe indlela yokuxazulula inkinga ababhekene nayo.

“Ngikhathazekile ngokuthi izigidi zabantu baseNingizimu Afrika zingase zingakwazi ukubuka iNdebe yoMhlaba yeRugby uma iSABC ingakwazi ukusakaza imidlalo yalo mqhudelwano. Ngizibophezele ekutheni abantu bakuleli bakwazi ukubuka yonke imidlalo ethinta iqembu lesizwe.

“Nginethemba lokuthi kuzofinyelelwa esivumelwaneni phakathi kweSABC neSuperSport. Ibhola lombhoxo lidlala indima ebalulekile ekwakheni isizwe kanye nokubumbana komphakathi. Kubalulekile ukuthi izigidi zaseNingizimu Afrika zibukele amaBhokobhoko eqhubeka nokuphakamisa izwe.

AmaSpringboks azovula ngeScotland kuGroup A kumdlalo ozobe useMarseille, eFrance. Umdlalo uzoqala ngo-5.45 ntambama.