Umqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki uthi lifike kahle ikhefu leFIFA ngoba lizobapha isikhathi sokuphekisisa abadlali njengoba bengaqala kahle kwiligi kule sizini.
Imidlalo yeDStv Premiership izobuya ngo-15 September, okunikeza amaqembu isikhathi sokuqinisa la okuxega khona.
“Ikhefu leFIFA lifike ngesikhathi esihle. Sizothola ithuba lokusebenza nabadlali silungise amaqhinga, sithole nethuba lokubaphumuza.
“Wonke umdlalo ne-training session sikuthatha njengegxathu elibheke phambili. Ngicabanga ukuthi sizokwazi ukubuya nezimpendulo ngemibuzo iMamelodi Sundowns esishiye nayo emlenzeni wokuqala.
“Engifuna ukukusho kubadlali nakubalandeli ukuthi siyaqhubeka nomsebenzi. Asishayiwe emdlalweni emithathu edlule futhi sikora amagoli.”
MTN8 Man of the Match, Edson Castillo's Goal #Amakhosi4Life #Khosified pic.twitter.com/w9QQziJbKW
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) September 3, 2023
Uma kubuywa ekhefini leFIFA iKaizer Chiefs izobhekana neSuperSport United ngo-20 September ePeter Mokaba Stadium.
Ngemuva kwalowo mdlalo izobhekana neMamelodi Sundowns emlenzeni wesibili weMTN 8 semifinal ngo-23 September.
________________________________________________________________________________________________________________
PROMOTION
Bhalisa i-account ePlaya Bets utholoe ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala!
Nakhu okunye ongakuthola:
R50 Free Sports Bet 😉
+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️
Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa
Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar
