Babhekene nengwadla abakuleli njengoba kuvela izindaba zokukhuphuka kuka-petrol kusukela ngoLwesithathu.
UMnyango wezokuMbiwa Phansi eNingizimu Afrika usumemezele amanani kaphethiloli amasha, njengoba womabili amazinga kaphethroli azonyuka ngo-R1.71 ilitha, kanti udizili wona uzokwenyuka phakathi kuka-R2.76 (50ppm) no-R2.84 (500ppm).
Lokhu kusho ukuthi ilitha likaphethroli i-95 Unleaded selizobiza u-R23.82 ogwini kanye no-R24.54 ezifundeni ezimaphakathi nezwe. I-93 Unleaded izobiza u-R24.14.
Ukukhuphuka kukapetrol ngeke kuzwele kuphela kubashayeli kodwa kuzoba nomthelela nasekukhuphukeni kwamanani okudla, osekukhalwa ngawo unyaka wonke.