Umengameli weTS Galaxy uTim Sukazi ubabona bezingelwa amaqembu aphesheya abadlali bakhe abane abashisayo kule sizini abala kubo uPuso Dithejane noKabomelo Sebelebele.

ITS Galaxy ingelinye lamaqembu adlala kahle kwiBetway Premiership kule sizini, liqhubeka lapho elagcina khona ngesizini edlule noma liyiqale ngebatha isizini.

Kunemibiko eveza ukuthi iSuperSport United icuthele uDithejane noSamukele Kabini, kodwa uSukazi uthi ubabona beya phesheya.

“Ikusasa labo liphesheya, baya e-Europe, angikungabazi lokho,” kusho uSukazi othe ngeke abanqabele abadlali bakhe ukuthi bajoyine elinye iqembu uma likhokha imali efanele.

“Angisho uDithejane kuphela, kodwa ngiyambala noKabini ngokunjalo noKhulumane Ndamane. Izitobha zethu uKabini noNdabane ibona abancane kunabo bonke kwiligi, mhlawumbe anikaze nikunake lokho. Abekho abasondela kubo, izintatheli azifuni ukukusho lokhu. Ngiyakusho ngaphandle kokungabaza. Alikho elinye iqembu elibeke amathemba alo kubadlali abaneminyaka engu-20 no-21 abayizitobha.

“Ngilindele ukuthi oyedwa wabo aye phesheya noDithejane kanye noKamogelo Sebelebele abangabadlali okumele ngabe bayabizwa kwiBafana Bafana.”