Usihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi usephumele obala ngokucelela umqeqeshi wezakhe uSead Ramovic umsebenzi kwiKaizer Chiefs ngoba ukholwa wukuthi ubezoyisiza ibuyele ezingeni elifanele ebholeni lakuleli.
USukazi uthi wakhuluma neChiefs ngalo mqeqeshi, okuyinto ayeyenza nasezindabeni ngemuva kokuphela kwesizini edlule, kodwa Amakhosi agcine eqoke ukuqasha umqeqeshi waseTunisia uNasreddine Nabi.
“Ngiliphakamisile igama lakhe ngesikhathi elinye lamaqembu amakhulu kuleli lisathungatha umqeqeshi. Ngabazisa ukuthi bangamthatha. Ngiyakholelewa ekutheni ubezojika izinto kwiKaizer Chiefs ayenze iqembu elinzima,” kusho uSukazi ecashunywa yiFarPost.
“Kugcine kungenzekanga. Akusasho lutho. Ngifisa ukuthi aqhubeke kuleli, futhi bengifisa ukuthi aye eqenjini elikhulu njengeChiefs. Mhlawumbe babona izinto ngenye indlela. Siyazi banomqeqeshi omusha…”
Noma engakanqobi lutho kwiTS Galaxy uRamovic uvunyiwe ngebhola alidlalisa iThe Rockets futhi abaningi bambona engaba yingozi uma engaya eqenjini elikhulu. Ngesizini edlule iGalaxy iqede endaweni yesithupha kwiligi, okuyifake kwiMTN8 yangesizini ezayo.
Ngokwemibiko yakamuva kuvela ukuthi uRamovic usohlwini lwabaqeqeshi abafunwa yiRaja Casablanca eMorocco. Uma igcina imthatha, uzobanga isicoco noRhulani Mokwena oqashwe yizitha zeRaja, iWydad.