Umdlali weKaizer Chiefs uNkosingiphile Ngcobo ukubeke eqhulwini ukunqobela iqembu noma indebe eyodwa kulesizini ezoqala.

UMshini uyingxenye yekhempu yeqembu ebanjelwe eTurkey ngaphansi kwesandla sikamqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.

UNgcobo ubekhona iChiefs ixebula i-Al Shahaniya yaseQatar ngo 5-2 emdlalweni wesihle ngoMgqibelo ebusuku.

“Ngifuna ukusiza iqembu ngokunqoba indebe kulesizini, liqoqe amaphuzu amaningi, sinqobe imidlalo eminingi. Ngibona sekufike isikhathi sokuthi ngikhombise ithalente lami,” kubeka uNgcobo ecashunwa abeSuperSportTV.

UNgcobo ubona kuzobonakala umehluko omkhulu eqenjini uma sebeqedile ngekhempu ebanjelwe eTurkey.

“Ukubaluleka kwekhempu ukuthi sifunde izinto ezintsha, amaqhinga amasha nokuziphatha ngendlela. Imimoya iphezulu ekhempini ngoba abaqeqeshi basijimisa kanzima. 

“Abadlali baphethene kahle, azikho izinkinga ezikhona. Bonke abadlali bakujabulele ukuba yingxenye yekhempu, ukuhlanganyela kulekhempu kuzosiza siqhubekele phambili,” kubeka uNgcobo.