Usihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi usegxeke imibiko ethi umdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uRelebohile Mofokeng ufunwa yiFC Barcelona ngoba ‘imfakele ingcindezi enganasidingo’.
USukazi ubeke kanje ngemuva kokuqinisekusa ukuthi isitobha sakhe uSamukele Kabini sesiwumdlali weMolde FK. Uthe yena abadlali bakhe ngeke bamataniswe namaqembu aphesheya bese beyathula bengaphawuli, ngoba sebekhuluma ngqo nemakethe yase-Europe.
“Siqhudelana namaligi amakhulu [kuneBetway Premiership] ngokuyisa abadlali e-Europe. Kuyoba kancane uZwane kuthiwa kunomdlali weTS Galaxy oyohlolwa noma kuthiwe iqembu elikhulu lifuna umdlali wethu kodwa thina sithule singasho lutho njengeqembu.
“Ngizokwenza isibonelo nje, umfana omcane okwi-Orlando Pirates – uRelebohile Mofokeng. Kuningi osekushiwo ngeBarcelona. Nike nayizwa iphawula iBarcelona? Kuyobe yintatheli engawuhloniphi umsebenzi wayo eqale lolu daba. Angikaze ngizwe kuthiwa iBarcelona ibhalile yathi icela ukusayinisa uMofokeng…bamfake ngaphansi kwengcindezi engenandisingo. Akulungile ngoba njalo uma edlala manje uqhathaniswa noYamal.”
Sikhumbuzane nje, udaba lokuthi uMofokeng ufunwa yiFC Barcelona lasuka kowayengumqeqeshi waMaZulu FC uPablo Franco owaveza ukuthi umqeqeshi weqembu eliyinkulisa yeBarcelona, iBarcelona B, wamfonela embuza ngaye ngoba ezwa izinto ezinhle ngaye kodwa engakalitholi ithuba lokumbuka. Nomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos wakuqisekisa ukuthi bakhona abamfunayo kwiBarca B, kodwa wathi ngokwakhe usemluleke ukuthi abheke ukuya eBelgium, Netherlands noma eFrance.