Usihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi usekuqinisekisile ukuthi uSamukelo Kabini usewumdlali weqembu elibalwa namakhulu eNorway, iMolde FK, emthenge ngoR15 million.
UKabini oyibamba emuva ubengomunye wabadlali abamqoka kwiGalaxy kule sizini njengoba ebesedlale imidlalo ewu 19, wavelela amagoli amathathu ne-assist eyodwa noma eyisitobha. IMolde ingelinye lamaqembu ahlonishwayo eNorway kodwa kule sizini akuhambi kahle njengoba ikunombolo 9 kwiligi. Ibidlala kwi-Europa Conference League kanti Ike idlale nakwi-UEFA Champions League.
“USamukelo Kabini usewumdlali weqembu elikhuli laseNorway iMolde FK esiwine inqwaba yezicoco zeligi futhi eyaziwayo ngokudlala kwiChampions League. Simdayise ngama-euros, obekuyinto ebesiyenza okokuqala. Ngakho ke simdayise ngemali eyirekhodi emlandweni wethu,” kusho uSukazi engxoxweni neSABC Sport.
“Sesiphendule abafana sabenza amadoda. Okuyinto enhle ezweni. Sijabule ngohlobo lweqembu alijoyinile. Ngicabanga nokuthi abaningi bazobona ukuthi iTS Galaxy isiphenduka inyivesi yebhola, ekhiqiza abadlali abasezingeni eliphezulu.”
USukazi uqhube waveza ukuthi omunye umsebenzi obekelwe umqeqeshi u-Adnan Beganovic wukuqinisekisa ukuthi iqembu likhiqiza abadlali abasesimeni esifanele ukudlala e-Europe.