Owayengumgadli weBafana Bafana neKaizer Chiefs uSiyabonga ‘Bhele’ Nomvethe usencome umgadli weMamelodi Sundowns uPeter Shalulile ngokuzikhandla kwiPSL njengoba esesondele ekuphuleni erekhodi lakhe lamagoli.
UNomvethe unerekhodi lamagoli awu-129 kwiPSL awavalalela ngesikhathi edlalela amaqembu okubalwa kuwo iChiefs, African Wanderers, AmaZulu FC, neMoroka Swallows.
UShalulile uvalele igoli lakhe lesi-100 ngesikhathi iSundowns iginqa Usuthu ngo 2-0 ngaphambi komdlalo ne-Orlando Pirates, usenamagoli awu-127. Usele ngamagoli amabili kwirekhodi likaNomvethe okulindeleke ukuthi aliphule emdlalwleni embalwa elandelayo.
UNomvethe uthi lo mdlali kumfakele ukuphuma irekhodi lakhe.
“Ayikho into ezomvimba ngoba uwumdlali ozikhandlayo, uyaphusha. Ufike wakulwela ukuphmelela kuleli njengomuntu wokufika. Nami ngesikhathi ngise-Europe ngangiqinisekisa ukuthi kumele ngizikhandle ngizakhele igama khona njengomuntu wokufika, ngingakhonondi ngalutho,” kusho uNomvethe.
“Kumhambela kahle kwiSundowns kodwa angazi kuzokwenzekani [ngekusasa lakhe]. Ngimbona eqhubeka evalela inqwaba yamagoli.’