Umnikazi weTS Galaxy uTim Sukazi ufisa ukubona wonke amaqembu akuDSTV Premiership eqasha abaqeqeshi abahlome ngeziqu ze-UEFA Pro License njengomqeqeshi wayo uSead Ramovic.

Abaqeqeshi abaningi kuDSTV Premiership bahlome ngeziqu zeSAFA nezeCAF, ezingaphansi kwe-UEFA Pro License.

USukazi ubekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu eSt Stithians College. Ugqugquzele amaqembu ngokuthi azame ukuqasha abaqeqeshi abahlome ngeziqu eziphezulu kakhulu, ikakhulukazi i-UEFA Pro License.

“Ngifuna iligi igcwale abaqeqeshi abacije ngeziqu ze-UEFA Pro License. Ikhona iCAF Pro License kodwa amazing awalingani. I-UEFA Pro License isezingeni eliphezulu kakhulu emhlabeni. Ngikhuluma ngezinga lomqeqeshi ofana noPep Guardiola,” kubeka uSukazi.

USukazi uthi umqeqeshi wezakhe uSead Ramovic ufike noshintsho olukhulu ngenxa yeziqu acije ngazo.

IGalaxy ihambela phezulu kwiDSTV Premiership njengoba ihleli endaweni yesibili kwiligi. Isinqobe imidlalo emibili, yadlala ngokulingana kowodwa. IGalaxy ayikaze ingenelwe yigoli.

“IGalaxy ibihlukile kakhulu engakafiki uRamovic ocije ngeziqu ze-UEFA Pro License. Uyabonakala umehluko. Isikwati asishintshile. Lokhu kukhombisa ukuthi izinga lokuqeqesha eliphezulu liyazivelela. Singazuza okukhulu ngeziqu esinazo,” kubeka uSukazi.

USukazi uthi akayibukeli phansi iCAF Pro License kodwa I-UEFA isezingeni eliphezulu.

“Angizami ukubukela phansi iCAF Pro License kodwa i-UEFA Pro License isezingeni eliphezulu kakhulu. Ngikhuluma ngomhlaba wonke, hhayi e-Afrika kuphela. Kudingeka iPro License, akukhathalekile ukuthi iCAF noma i-UEFA.

Iligi yethu izozuza kakhulu, nebhola lizokhula uma sesiqashe abaqeqeshi abanolwazi olunzulu. Kufuneka wonke amaqembu ahlome ngabaqeqeshi abanePro License,” kubeka lomqeqeshi.