Umdlali obolekiswe kwiTS Galaxy uKeletso Makgalwa uthi uzosebenzisa amathuba eqenjini lakhe elisha ukuze  ezoncintisana nabadlali beMamelodi Sundowns.

UMakgalwa ubeke kanje ngesikhathi iGalaxy yamukele abezindaba eSt Stithians College, eGoli, ngoLwesithathu.

UMakgalwa (25) ubebolekiswe kwiSwallows FC ngesizini ephelile. Uthi ufuna ukwenza kangcono kwiGalaxy ukuze ezonyusa amathuba okubuyela eChloorkop esefomini.

“Ngidlale kahle ngesikhathi ngibolekiswe kwiSwallows ngesizini eyedlule kodwa ijezi bengingalitholi ngendlela ebengifuna ngayo. Kubalulekile ukuveza imiphumela yokudlala kwakho.

Abadlali beSundowns benza kangcono, bheka uRalani (Surprise), Maema (Neo), Mshishi (Themba Zwane) noGaston (Sirino).

Yibona abadlali engincintisana nabo laba. Kufanele ngifinyelele ezingeni labo uma ngifuna ukubuyela kwiSundowns. Ngihlulekile ngesizini edlule. Ngifuna ukushaya amagoli, ngikhande ngamathuba kulesizini. Ngincintisana nabadlali beSundowns, kufanele ngifinyelele ezingeni labo uma ngifuna ukubuyela (Sundowns),” kubeka uMakgalwa.

U-Aguero udlale emidlalweni engu-27 kwiSwallows, washaya igoli elilodwa. UZwane, Sirino, Ralani, Maema noZwane bashaye amagoli angu-21 uma sebehlanganisiwe.

UMakgalwa kungenzeka athole ijezi okokuqala kwiGalaxy uma isidlala neGolden Arrows ePrincess Magogo Stadium ngoMgqibelo.