Omunye wabaphathi beKaizer Chiefs uBobby Motaung useveze ukuthi uStuart Baxter wabagila ngendlela efanayo nokwenziwa wuJose Riveiro kwi-Orlando Pirates.
Kwivideo eqale ukusabalala ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu kusihlwa nangoMgqibelo ekuseni uBobby uzwakale ethi neChiefs yabhekana nenkinga efanayo ishiywa wuBaxter ngoba esebona ukuthi iCV yakhe isiyinhle.
“Uyabona ukuthi icoach wePirates uyahamba?…” kubuza uBobby
“Thina asishintshi [uNabi akayi ndawo ngamanye amazwi]… UStuart Baxter nathi wasenza kanje ngemuva kwamasizini amathathu.
“Lapho ebona ukuthi iprofile yakhe ilungile, wenzani? [wahamba, kusho oseceleni] – Injalo lento. Ifuna amase*nde”.
Inkulumo kaBobby igxekiwe ezinkundleni zokuxhumana abanye bethi uhlanganaphi nezindaba zePirates. Abanye nokho bathu noma ebheda kodwa uqinisile ngakushoyo.
IChiefs yagcina ukunqoba isicoco seligi ngaphansi kobuholi bukaBaxter ngesizini ka-2014/2015.