Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane uthi baziyekele bona ukuthatha unombolo 3 kule sizini ngemuva kokubuka ezakhe zishaya iRichards Bay FC ngo 1-0 eKing Zwelithini stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
Usuthu lukhuphukele kunombolo 7 ngemuva komphumela wayizolo. Lunqobe ngegoli eluvalelwe wuTaariq Fielies ngomzuzu ka-69.
Bekungokokuqala AmaZulu enqoba ngemuva kokushaywa kathathu kulandelana, okuyinto uZwane athi ibaphuthisele ngethuba elihle lokudla unombolo 3 kwiBetway Premiership.
“Ngesikhathi isanda kuqala isizini abantu babesibona siyiqembu elibheke ezembeni, kodwa manje ngemuva sesihluleke izikhawu ezinhlanu ukukhuphukela kunombolo 3…kahlanu,” kusho uZwane ngemuva komdlalo.
“Nawe ungazibonela ke ukuthi ngabe sikuphi ukube sikwazile ukuqoqa amaphuzu, mhlawumbe noma ayisithupha. Ngabe sikwitop 3 njengamanje. Kodwa ke siyafunda nsuku zonke, lo mdlalo uwuthisha, abadlali bethu bayakhula.”
AmaZulu njengamanje asele ngamaphuzu amabili kwiStellenbosch FC ekunombolo 3 kodwa iStellies inemidlalo emithathu esandleni.