Umqeqeshi weTS Galaxy u-Adnan Beganovic unethemba lokuthi abadlali bakhe bazofunda kumaphutha abawenze emdlalweni odlule ukuze bezobuya namaphuzu aphelele emdlalweni wabo neKaizer Chiefs namhlanje.
ITS Galaxy neChiefs bazotholana phezulu ePeter Mokaba Stadium namhlanje ngo-19:00. Uma inqoba lo mdlalo iThe Rockets izogudluza iStellenbosch FC kunombolo 3 okuyindawo yeCAF Confederation Cup.
“Ngibona kuyithuba elihle ukubhekana neChiefs njengamanje,” kusho uBeganovic.
“IChiefs yiqembu elikhulu elinabadlali abahle kodwa akuhambe kahle emdlalweni embalwa edlule, nathi sidliwe emdlalweni odlule, ngakho ke kufanele senze isiqiniseko,
“Kufanele silungise amaphutha esiwenze emdlalweni odlile bese sibheka ukusebenzisa ithuba eliphambi kwethu. Sizobe sidlala enkundleni enhle phambi kwenqwaba yabalandeli, kufanele siveze izinga lethu. Uma singakwenza lokho umdlalo wonke, ngilindele ukuthi sihambe namaphuzu aphelele.”
Egcina ukuhlangana lawa maqembu umdlalo waphela ngo 1-1.
Khonamanjalo, iChiefs izobe izama ukugwema ukuthola isibhaxu okwethathu kulandelana kulo mdlalo. Uma ishaywa ingazithola ibhekene nolaka lwabalandeli njengoba kuzocaca ukuthi kshuthi kuzoba nzima ukuqeda kwitop 8.