Umqeqeshi we-England uGareth Southgate uthi usazokhuluma neFootball Association ngekusasa lakhe kulandela ukudliwa okwesibili kowamanqamu we-Euro.
I-England iginqwe yiSpain ngo 2-1 izolo ebusuku eGermany kumdlalo obushisa. Esiwombeni sokuqala abafana bakaSouthgate bazamile, noma kuyiwe ekhefini zibambene ngo 0-0. Esiwombeni sesibili nokho uSouthgate uhlulekile ukukhuphula izinga lezakhe iSpain isishintsha amagiya, umdlalo wagcina uphele ngo 2-1. ISpain besingawavalela amanye amagoli kulo mdlalo, kusize unozinti we-England obe nomdlalo omuhle.
Ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo uSouthgate uthe uzokhuluima nabaphathi bakhe ngekusasa lakhe.
“Kusamele ngikhuluame nabantu ababalulekile ngasese, ngeke ngikwazi ukuveza engizokwenza ngingakakhulumi nabo,” kusho yena.
“Angikungabazi kodwa ukuthi i-England iphethe abadlali abasebasha, asebethole amava kulolu mqhudelwano. Abaningi kulesi sikwati bazobe besakhona eminyakeni emibili kuya kwengu-8 kwi-England.