USihlalo weCape Town City uJohn Comitis uthembisa ukumcingela isikhala uKermit Erasmus uma kungadayiswa uKhanyisa Mayo.
U-Erasmus (34) udedelwe yi-Orlando Pirates ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe ngesizini edlule. URomeo uhlale amasizini amabili kwiBucs ayeyijoyine esuka kwiMamelodi Sundowns.
UComitis uthi kungenzeka ambuyise eKapa u-Erasmus uma kuzovuleka isikhala eqenjini.
“Ngikhulumile noKermit. Ukumsayinisa kuncike ekutheni sizolungiseka kanjani isimo sethu sabagadli ngoba kusekhona uKhanyisa Mayo. Okwamanje besingakasithathi isinqumo,” kuchaza uComitis ekhuluma noThabo Mosia weRadio 2000.
UComitis uthi lomgadli usengakwazi ukuqhubeka ebholeni yize ebesizwa ngendaba isikimu kwiBucs.
“UKermit ubengadlali kwiPirates kodwa ungumdlali osengawenza umehluko. Ukushaya igoli akuyona into engamthatha isikhathi eside. Kuningi asengakwenza uma engalulama ngokugcwele,” kusho uComitis.
UComitis uthi ayinqwaba amaqembu agaqele uMayo.
“Maningi amaqembu afuna uMayo. Kukhona abangifonela njalo ezinsukwini ezintathu. Sizoxoxa uma bezobeka imali engayifuna ekuqaleni.
“Angeke sidayise umdlali singakamtholi esizovala ngaye isikhala. Alikho iqembu elibeka into ecacile okwamanje. Umdlali uzoba yingxenye yezinhlelo zeqembu ngesizini ezoqala.
“Ngizomnakekela uMayo. Ngifuna ukumtholela iqembu lase-Europe ngoba iminyaka isamvumela. Akukhathalekile ukuthi uthola iqembu elincane elizokhokha imali encane. Ngifuna athole iqembu elimlungele,” kuchaza uComitis.
UComitis wafuna u-$2 million (R36 million) emaqenjini ayegaqele uMayo ngesizini edlule.
UMayo (25) ushaye amagoli alishumi emidlalweni engu-28 yeligi ngesizini ka-2023/24. Wayekade eshaye amagoli angu-12 ngesizini ka-2022/23.