Minenhle Zwane
Ukhala ngezinqinamba ababhekene nazo abantu besifazane emkhakheni wokudiijeya uDJ wesifazane osemncane uSfundo Khumalo, odume ngelika Ladecate-DJ
Lentokazi edabuka eMandeni njengamanje iphothula izifundo zayo zeVideo Technology eDurban University of Technology (DUT). Ekhuluma neGibela uLadecate-DJ uveze ukuthi kuza nezingqinamba eziningi ukuba nguDJ wesifazane njengoba abantu besanokukholelwa ngukuthi yindima yabantu besilisa kuphela.
“Kunzima ngisho ukubizwa emcimbini uzonandisa kwesinye isikhathi uma ube nenhlanhla yokuqashwa amanye amakhasimende ayanqaba ukukhipha imali uma sekufanele akukhokhele ngoba bengabaza amandla akho njengomuntu wesifazane” kuchaza uLadecate.
Uthi kwawuthatha isikhathi umndeni wakhe ukwamukela ukuthi usenza lolu hlobo lomsebenzi ikakhulukazi ngoba yinto engavamile ukuthi yenziwe yimbhokodo kuleli nakuba sekukhona oDJ besifazane abaziwao okubalwa kubo uMiss Cosmo, DJ Zinhle, DJ Zinhle, DJ Le Soul, DBN Gogo, Sthelo nabanye.
“Ekhaya bengithethiswa njalo bethi ngizoba intombezane enjani ehamba ebusuku ngoba eminye imicimbi engangimenywa ukuzonandisa kuyo yayiba sebusuku. Manje sebeyawuqonda umsebenzi wami nokho, futhi bayangeseka,” kusho yena.
Uqhube wathi uma kune nhlolokhono abizwe kuyo umndeni wakhe sekuyiwo omcebisayo ngendlela efanele yokuphendula imibuzo.

Lo Dj osemncane uthe useke wathola ithuba eliyingqayizivele lokushiyelana inkundla nozakwabo asabemukatshubomvu kulomkhakha okubalwa kubo u DJ Tira, Dlala Thukzin noDj Happy Girl.
Uveze ukuthi kwamjabulisa ukunandisa emcimbini efana ne DUT freshers party, The night show kanye neminye eminingi esuke ihlelwe yiWave Café.
“Ukusebenza kulemicimbi ngakuthokozela. Abahleli bayo bangenza ngazizwa ngibalulekile futhi ngingacwasekile ngokobulili njengoba kubuye kwenzeke kweminye imicimbi ngakhoke ngingakujabubulela ukuyosebenza kuyo nangelinye ilanga.”
Uphinde waveza nokuthi ukubhebhetheka kwe Covid-19 kumqgeme ingozi engeqiwa ntwala njengoba kumvimbe ekukhipheni iicwecwe lakhe eliqukethe izingoma azihlanganise ngezandla zakhe kanti nenqwaba yemicimbi abezonandisa kuyo.
Ugqugquzele abantu besifazane abasafisa ukuklwebha amapuleti njengaye akuba basebenze ngokuzikhandla ngoba akulula kulo mkhakha ikakhulukazi uma ungowesimame.
“Abazibambe ziqine, bangaziqhathanani no Dj besilisa ngoba vele sidalwe ngendlela engafani kanti namakhono ethu awalingani, baphinde bazethembe.”kusho u Ledecate.
Ezinkundleni zokuxhumana uyatholakala | Instagram: ladecate-dj facebook: ladecate dj. Uma ufisa azoku nandisela emcimbini wakho thumela umyalezo ku djladecate@gmail.com