Londiwe Mthethwa

Achazwe njengabantu abebenothando futhi abebewusizo emphakathi amalungu amane omndeni abulawa ephelezele umakoti emshadweni KwaNgcolosi, eNdwedwe ngeledlule (21 April,2024).

Kube nosizi nomunyu ngeSonto ngesikhathi umndeni wakwaGcabashe ubambe inkonzo yokufihla amalungu ashona kulesi sigameko Emakhasini Primary School, KwaNgoza.

Izolo kufihlwe uMusawenkosi Gcabashe, Saziso Gcabashe, noVeli Gcabashe, obeyinduna yezinsizwa zaKwaNgoza. UBhekisisa Gcabashe, okuthiwa washonela esibhedlela ngemuva kokuhlasela kwabantu ababili abasathungathwa, ufihlwe ngoMgqibelo ngesizathu sokuthi ubengasahlali KwaNgoza.

Ukubulawa kwamalungu alo mndeni kushaqe abaningi njengoba singavelanga isizathu sokuhlaselwa kwawo kade eshadisa umshado omhlophe kaPhumzile Gcabashe noMnuz Msizi Shangase kuzovukwa kube ngowesintu ngakusasa.

Abebekhuluma emngcwabeni bachaze abangasekho njengabantu abebelungile, abanothando futhi ebebewusizo kakhulu emphakathini.

“Mndeni wakwaGcabashe, akuve kuyingoba uNkulunkulu enganithandi. Kepha yazini makukhona indawo ehlukumezekayo, kukhona okuhle okuzayo. Noma kubuhlungu okwenzekile kodwa sithi, qinani,” kusho obekhulumela abangani nezihlobo.

Imeya yaseNdwedwe uSam Mfeka naye ubeyihambele inkonzo yomngcwabo, wadlulisa amazwi enduduzo emndenini.

Amaphoyisa asaqhubeka nokuthungatha abasolwa.