Umpetha wakuleli weLong Jump, uLuvo Manyonga, usephumele obala ngokubhubhudla imali ayibalela kuR84 million, athi wayishaya wayivala eminyakeni engeqile kwemithathu.
UManyonga (33) ugeqe amagula ngempilo yakhe ohlelweni i-I Blew It lapho aveze khona ukuthi imali yakhe iphelele kwizidakamizwa, amantombazane, nezimoto ezibizayo.
Impilo kaManyonga ishintshe kakhulu kulandela ukuthola inkontileka ka-R42 million kwaNike ngo-2017, waphinde wathola omunye futhi nangonyaka olandelayo waba noR84 million.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokumiswa kuma-athletics kulandela ukutholwa kwe-crystal meth egazini lakhe.
“Ngamiswa izinyanga eziwu-18. Ngemuva kokumiswa, ngaqhubeka nokuzisebenzisela izidakamizwa, izinto zaqala zabheda. Ngangibhema, ngibamba inkunzi kwaze kwashaya u-2015,” kuchaza yena.
Ngawo u-2015 washintsha indawo ayehlala kuyo wayohlala eTshwane ukuze alungiselele ama-Olympcs ayeseRio eBrazil, ngo-16. ERio uManyonga wabuya ne-silver medal, okwaholela ekutheni athole izigidi zamarandi.
“Uhulumeni wanginikeza uR250,000, ngo-2017 ngasayiniswa yiNike ngoR42 million, nango-2018 baphinde bangipha imali efanayo.”
UManyonga uthi uqede imali yakhe kwizimoto ezibizayo, abantu besifazane nakwizidakamizwa, kodwa lokhu wakwenza ngemuva kokulungisa umuzi wakubo ePaarl, eWester Cape. Waphinde wasiza abantu bakubo nabasemphakathini ngezidingo zabo.
“Ngangirenta izimoto ngoR20,000 ngosuku. Ngaphezu kwalokho ngangihlukana noR100,000 kwi-insurance ngoba ngangizibuyisa zishayisile.
“Izidakamizwa ngangizifihla phakathi kwezitulo emotweni.”
Uthi wathenga imoto yaseGermany ngoR900,000 kheshi, bebhukha amahhotela ngoR400,000.
Ngo-2021 uManyonga waphinde wamiswa kuma-athletics njengoba waphinde wabanjwa ephule umthetho we-anti doping.
Kwi-I Blew It uveze ukuthi i-agent yakhe yamqhatha neziphathimandla ihluleka ukuthumela ikheli azobe ehlala kulo ezinyangeni ezilandelayo ukuze ezohlolelwa kulo.
Uthi uke wachitha isikhathi kwi-rehabilitation centre eThekwini kodwa weqa singakapheli isikhathi, wagcina esehlala namaphara kwelinye lamabhilidi anganakiwe kuleli dolobha.
Uthi unethemba lokuqala kabusha impilo yakhe njengoba kuzophela ngoDecember ukumiswa kwakhe.