Inkakha yomgadli weNewcastle United, u-Alan Shearer, ithi usalelwe imidlalo emibili kwiMan United u-Erik ten Hag aphikisana naye ngabadlali abaqokayo.
Ngeledlule uTen Hag uphikise umbono kaShearer wokuthi uMarcus Rashford akumele ngabe usayiqala imidlalo ngoba uphambana nalo futhi ubuthuntu ebhokisini. UTen Hag washesha wawuphendula umbono wakhe ethi ujabule ngoRashford ngakho umbono ongasile ukuthi kumele abekwe ebhentshini.
Ekhuluma neBefair, uShearer ubeke kanje’ ebuzwa ngokuphikiswa wuTen Hag: “Imiphumela kuzomele ishintshe ngokushesha ukuze uTen Hag ezohlala kuze kushaye uChristmas. Okuningi kulele kwimidlalo emibili elandelayo.
“Uma zingajiki izinto ngemuva kokudliwa yiBrighton neLiverpool, uzobhekana nenkinga futhi sizokwanda isibalo sabenza umsindo befuna axoshwe.
Ngemuva kwekhefu leFIFA, i-United izobhekana neSouthampton engakaqoqi nephuzu elilodwa kule sizini. Ngemuva kwalo mdlalo izobhekana neBarnley kwi-EFL Cup, bese bedlala neCyrstal Palace koweligi.
Empeleni uma ubuka abadlali abathengwe yi-United, uTen Hag nezakhe kufanele bayinqobe yonke lemidlalo ukuze kwehle ingcindezi asebezifake kuyo zisuka.