Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNesraddine Nabi uphumele obala ngokuchitha umgadli oke wadlala ePortugal ngoba engekho ezingeni alifuna kubadlali bakhe. Lokhu kusho ukuthi sekuphelile ngezinsuku zabagadli abafana noBonfils-Caleb Bimenyimana, Jasond Gonzalez, Lazarous Kambole noGustavo Páez kuMakhosi.

UNabi uveze lokhu izolo ngesikhathi kwethulwa iBetway Premiership, eqinisekise nokuthi ujabule ngokusayiniswa kukaNjabulo Blom.

“Izinga labadlali abeza kwiKaizer Chiefs kufanele libe phezulu…ngifuna izingane eliphezulu. Angimamukeli umdlali ontukuntuku. Ukuze ngikuqinisekise ukuthi sisayinisa umdlali ofanele, ngithatha isikhathi sami,” kusho uNabi ekhuluma nezintatheli eGalleria, eSandton ngoLwesibili.

“Izolo [ngoMsombuluko] nginqabe ukusayinisa umgadli obedlala ePortugal. Ngiqabile ngoba Akekho ezingeni leChiefs. Ngijabule kakhulu ngoNjabulo. Unamava. Uwumdlali okufana nokuthi Ubuye ekhaya. UBradley nginesiqinisekiso sokuthi kunento ayiphethe, kumele simsebenzise ngendlela.”

Lo mqeqeshi ubukeka eseqala ukukhululeka kwiChiefs njengoba abaphathi bayo sebeqalile ukusayinisa abadlali abazoqinisa iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25.

UNabi uthe noma sebeqinisile ngoBlom noCross, basafuna ukuqinisa isikwati okungenani ngomgadli oyedwa nomdlali oyedwa wasophondweni.