Kuvela elomhlathi kumqeqeshi weWydad Athletic Club, uRulani Mokwena, ngendlela athandwa ngayo abalandeli baleli qembu athi abekho abafika kubo emhlabeni.
URulani, obejwayele ingcosana yabalandeli beSundowns emdlalweni eminingi, usepheka iqembu elivame ukuba nabalandeli abagcwalisa inkundla abacula ungakaqali umdlalo, bahlale uma usuphelile, baqhubeke bacule.
Emdlalweni wabo odlule abawunqobe ngo 2-0 kwi-Excellence Cup kuzwakale abalandeli beWydad becula bethi ‘Mokweeeeena’ enkundleni.
“Sinabalandeli abamangalisayi. Abakhona abalandeli esengike ngadlula kubona abafana nalaba,” kusho uMowena ekhuluma neMFM Sport ngemuva komdlalo.
“Indlela abalokhe becula ngayo begqigqizela iqembu, kuningi okubafanele futhi sizozama ukuqinisekisa ukuthi siyabajabulisa njali uma sidlala. Sizokwenza konke okusemandleni ukubuyisa izinsuku zempumelelo kuleli qembu.
“Ngiphelelwa amazwi. Indlela engithandwa ngayo ngabantu baseMorocco…kucishe kungikhalise. Ngifisa ukudlulisa amazwi okubonga, akukho olunye engingakusho.