IWydad Casablanca yaseMorocco isimemezele obengumqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, njengomqeqeshi wayo omusha.

UMokwena udedelwe yiSundowns ngesonto eledlule, kodwa njengoba bekulindelekile, usethole umsebenzi eNorth Africa.

Amagalelo kaRulani aseyaziwa njengoba ebesedume ngokuthela induku kwiCAF Champions League futhi ubedlalisa ibhola okuthiwa belisatshwa.

Lo mqeqeshi kulindeleke ukuthi anqobe isicoco seligi, abuyisele iWydad kwiChampions League ngesizini ka-2025/26. Uma engakwenzanga lokhu, mancane amathuba okuthi ahlale eMorocco njengoba kwaziwa ukuthi amaqembu akhona awakubekezeleli ukungasinqobi isicoco.