Useqalile ukupheka abadlali beKaizer Chiefs umqeqeshi odabuka eTunisia uNasreddine Nabi, oqinisekiswe njengomqeqeshi omusha kuleli sonto.
Lo mqeqeshi uhola ukucijwa kwabadlali eTurkiye ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25. Ubhekene nomsebenzi omkhulu kuMakhosi osekuneminyaka agcina ukunqoba isicoco seligi noma okusankomishana kwimiqhudelwano yePSL.
Noma lo mqeqeshi engakakhulumi nabezindaba ngokuqashwa kwakhe kwiChiefs, kwivideo eshicilelwe yiSuperSport Football ubonakala ekhuluma nabadlali ngesikhathi ethulwa kubo ethi: “ngifuna ukuninikeza injabulo ebholeni. Yilona phupho lami lelo.”
Inkulumo kaNabi ibeka ngokusobala ukuthi enye yezinto ezibonwe ngabahlaziyi bakhe wukuthi kuphansi ukuzethemba kubadlali beChiefs. Akufani naseqenjini elinjenge-Orlando Pirates noma iMamelodi Sundowns obonayo ukuthi abadlali bakhona bajabule uma besenkundleni, okubenza badlale ngokukhululeka. Kumasizini edlule abanye abadlali baphumele obala ngobunzima bokudlalelal iChiefs njengoba inganqobi lutho, okungabagculisi abalandeli.
Ngemuva kokucija abafana e-Europe, iChiefs izobhekana neqembu elaliqeqeshwa wuNabi, iYoung Africans, ngoJuly 28 kwiToyota Cup. Lo mdlalo useBloemfontein Stadium ngo-3 ntambama.