Usewumdlali weMan United uJoshua Zirkzee obedlalela iBologna kwiSerie A ngesizini edlule. Ngokwemibiko, i-United iphuce i-AC Milan iqatha emlonyeni isayinisa lo mgadli.

UZirkzee, obeyingxenye yesikwati seNetherlands ebesidlala kwi-EURO 24, usayine inkontileka ezomgcina e-Old Trafford kuze kushaye u-2029.

Ngokombiko kaFabrizio Romano iMan United izokhokha imali ebalelwa ku-€40m eminyakeni emithathu ezayo, ingxenye yayo izoya kwiBayern Munich njengoba lo mdlali ekhiqizwe eBavaria.

Ngesizini edlule uvalele amagoli awu-11, nama-asssist amane.

Okuzochaza abalandeli be-United ngalo mdlali wukuthi unejubane, unomjiko, futhi uwumgadli othanda ukudlala ibhola. Isikhathi esiningi ngesizini edlule ubedlalisa okwanombolo 10 kwiBologna, okuyinto iMan United eshoda ngayo uma sikhuluma iqiniso.

Lo mgadli ufike kahle kusanda kuqashwa inkakha yeMan United neNetherlands, uRuud van Nistelrooy okulindeleke ukuthi asebenze kakhulu nabadlali abahlaselayo, okuyisikhundla esishiywe wuBenni McCarthy.