Omunye wabasizi bakaNasreddine Nabi ozoba yingxenye yetechnical team entsha kwiKaizer Chiefs, uFernando Da Cruz usevalelisile kubalandeli be-AS FAR Rabat.

UFernando ushiya leli qembu kabuhlungu njengoba begeje isicococ seligi yaseMorocco ngephuzu elilodwa.

“Sekuyisikhathi sokuthi ngivalelise, ngibonge nangesikhathi esihle engisichithe nani. Ngalawa mazwi ambalwa bengifisa ukubonga uGeneral Haramou nomengameli weqembu u-Ayoubi, ngokungethemba ezikhundleni ezihlukene kuleli qembu.

“Ngiyabonga nakuColonel Major Maleka ngendlela abezinikela ngayo nsuku zonke, ubengisiza kakhulu endaweni yokuziqeqesha kweqembu. Ngiyabonga kubasebenzi beqembu, bonke abangenze umsebenzi ongcono futhi bangikhulisa njengendoda.

“Ngiyabonga kubadlali engisebenze nabo. Ngenxa yenu ngikwaze ukuzwa injabulo ephezulu. Sengivala, ngiyabonga nakubalandeli beqembu abamangalisayo. Njalo uma sinomdlalo omkhulu indlela ebeneseka ngayo iqembu ibingimangaza. Nginifisela okuhle kodwa futhi angisoze nganikhohlwa.

Lo mqeqeshi kulindeleke ukuthi atheleke kuleli kuqala ukuze ahlaziyele uNabi isikwati seChiefs.