Umqeqeshi osabambile kwiBaroka uMorgan Mammila ukhalaze ngokugqilazwa uhambo olude bethelwa ngehlazo yiRichards Bay emdlalweni wamaPSL Promotional Playoffs obubaluleke kakhulu.
IBakgaga inenebulwe ngo 4-0 eKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu, okuwumphumela oyibuyisele emuva kwiMotsepe Foundation Championship.
EzikaMammila zihlulwe ukusebenzisa amathuba esiwombeni sokuqala nokuyinto ebaqhathe neBay egcine ivalele amagoli amabili kungakayiwa ekhefini. USomila Ntsundwana noLwandile Mabuya bashayele isipikili sokugcina esiwombeni sesibili, basiza iBay ivikele indawo yayo kwiDStv Premiership.
UMammila uthi uhambo lubamoshele namalungiselelo omdlalo.
“Uhambo lwayizolo (ngoLwesibili) lusigqilazile ngoba sisuke eLimpopo ngehora lesikhombisa ekuseni. Sibambe indiza ngehora lokuqala emini, safika eThekwini ngehora lesine ntambama. Sigcine sifike ehhotela sekuyohlangana ihora lesihlanu. Asikwazanga nokujima,” kubeka uMammila ekhuluma nabeSuperSport United.
IBaroka ibidinga ukunqoba ngo 2-0 noma ishaye amagoli angaphezulu ukuze izokhuphukela kwiDStv Premiership. Ukunenebulwa kweBaroka kuqinisekise ukuthi iqeda emsileni kumaPlayOffs njengoba iqoqe amaphuzu amabili kuphela.
Yize bethelwe ngehlazo eKing Zwelithini, uMammila usale ezigqaja ngabadlali beqembu abasebancane.
“Umphumela ukhombise umehluko omkhulu ngoba iqembu lami lisadinga ukuthola isipiliyoni. Labadlali bayikusasa leqembu, besigijima ngabadlali abangu-8 abaneminyaka engaphansi kuka-23. Ngiyaziqhenya ngebhola abalidlalile.
“Kufanele silinde isikhashana. IBaroka izobuya ngamandla ezinyangeni eziyisikhombisa. Sizobuya ngo-Agasti, sizobe singcono kakhulu kunalokhu esiyikho,” kubeka uMammila.
🎙️ Morgan Mammila.
— Mazola J. Molefe (@superjourno) June 19, 2024
“We had young boys and it was Christmas 🎄 for Richards Bay – they did not work hard for it.” #SABCSport411 pic.twitter.com/vFLBFcGeaI
UMammila uvumile ukuthi usebumnyameni ngekusasa lakhe kwazise usabambile okwesikhashana.
“Ngisazobamba umhlangano noSihlalo, sixoxe ngekusasa. Kudingeka liqalwe kabusha iqembu, kuningi okumele kwenziwe. Sizohlala phansi, sidingide ngekusasa leqembu,” kusho uMammila.