Akuyona imfihlo ukuthi abalandeli, abaphathi, kanye nomqeqeshi weMan United u-Eric ten Haag abagculisekile ngezinga labadlali elinabo leli qembu, njengoba bekukhalwa ngesizini ephelile.

I-United yembuleke izinqa ngesizini ka-2023/24 ngendlela ebibuthuntu ngayo phambili, kanye nokulimala kwenqwaba yabadlali, ikakhulukazi emuva la kugcine sekudlaliswa khona oCasemiro odlala esiswini, kanye noJonny Evans oneminyaka engu-36 ozithole esedlala imidlalo eminingi kunalokhu abekulindele.

Lokhu kudale ukuthi leli qembu lingenelwe amagoli amaningi ngendlela eyisimanga. Sibheka abadlali abahlanu abakhonjwa kwi-United ngaphambi kwesizini ezayo.

Matthijs de Ligt

Owokuqala kulolu hlu uMatthijs de Ligt we Bayern Munich. Lokhu akwethusi neze ngoba i-United bekulindelekile ukuthi iqinise emuva ngoba bekuyiyona ndawo ebalimaze kakhulu ngesizini ephelile. Ngokwemibiko yeSky eGarmany, sekunesikhathi i-United iqaphe isimo salesi stobha saseNetherlands, njengoba nomqeqeshi u-Eric ten Hag eseke wayiqeqesha le nsizwa besakwi-Ajax Amsterdam eminyakeni edlule beze befika kuma semi finals eChampions League ngo-2019.

Jarrad Branthwaite

Owesibili esinye futhi istobha uJarrad Branthwaite ogijima kwi-Everton. Le nsizwa eneminyaka engu-21 izakhele udumo olukhulu ngesizini ka-2023/24 ilekelela i-Everton ukuvika izembe emva kweminyaka embalwa ebolekiswe kwi-Blackburn Rovers nakwi-PSV.

Ngokwemibiko yeSky e-England, i-United kulindeleke ukuthi ifake isicelo sokuthenga lo mdlali ngesamba esilinganiselwa ku-$57 million. Isamba esibekwe yi-United kuthiwa singaphansi kakhulu kwinani elifunwa yi-Everton ngalo mdlali, ngakho sizochithwa.

Abanye okubikwa ukuthi bagaqelwe ama-Red Devils abagadli abathathu: uJonathan David, Ivan Toney, kanye no-Joshua Zirkzee. U-David uqhubekile nodumo asezakhele lona kwi-League 1 yaseFrance njengomgadli ongalibheki ipali, njengoba ephinde waqhulula amagoli awu-19 kwiligi, ehlulwa u-Mbappe kuphela.

U-Toney yena noma engashayanga amagoli atheni kule sizini ngenxa yesigwebo abesidonsa esingamuvumeli ukuthi adlale, akazange aphume ematheni ngenxa yendlela adlala kahle ngayo ngaphambi kokuthi angene ezinkingeni ngenxa yokugembula. Okungenza i-United igcine ingamsayinisanga wukuthi uzobangwa namanye amaqembu ePremier League azimisele ngaye okubalwa kuwo i-Arsenal.

U-Joshua Zirkzee uzibonakalisile selokhu ashiya kwi-Bayern Munich okuyilona qembu akhulela kulona. Ube nesizini enhle kakhulu kwi-Serie A e-Italy esiza iBologna ingena kwi-top 4, okusho ukuthi izobe igijima kwi-Champions League ngesizini ezayo. Okungajabulisa abalandeli be-United kakhulu ngo-Zirkzee ukuthi akagcini ngokuba umgadli kuphela, kodwa uyakwazi nokudlalisana nomgadli yena abe ngemuva kwakhe, okungenza bezwane no-Rasmus Hojlund.

Lo mdlali une-release clause ka-€40m, okuthiwa ngeke ibe yinkinga kwi-United ngokombiko weSky Sports.